News & events

News

19 November 2014

Asikhulume ngokuwashwa kwesidoda

Izindaba24

Cape Town – Uma izibalo zithi kuyehla ukusetshenziswa kwamakhondomu, akumangazi-ke uma zithi siyakhula nesibalo sabantu abaphila negciwane lengculaza.

UMa wami usanda kungibuza ukuthi kudalwa yini abantu ababili bethi benegciwane lesandulela ngculaza kodwa bakwazi ukuzala ingane engenalo igciwane.

Kudingeke ngizame ukumchazela ukuthi igciwane liba segazini nakolunye uketshezi emzimbeni womuntu kodwa alubi khona eqandeni elakha ingane kanjalo nasesidodeni somuntu wesilisa.

UMa, ubuza nje sikhuluma ngezibalo zakwaHuman Sciences Research Council’s (HSRC), ezithi bangu-6.4-million abantu bakuleli abaphila negciwane le ngculaza.

Read the article online

Izindaba24

Related Articles